Human Resources Intern Ntombizethu Mdunge

Ithwasa lakwaNdabazabantu uNksz Ntombizethu Mdunge

Ntombizethu learning the HR ropes

Human Resources Intern Ntombizethu Mdunge (23) has been exposed to various skills including conducting job interviews and handling labour disputes. The human resources (HR) intern from Mahlabathini started working at the ZAC Human Resources department in February 2022.  

Ntombizethu holds a Diploma in Human Resources and emphasises the importance of people skills in order to be effective in your job.  For her, a career in HR is perfect as she adapts easily and enjoys working with people. 

“It’s very exciting to get experience and be exposed to such a working environment. I’ve learnt a lot so far. I’ve learnt how to conduct an interview, how to handle incapacity cases and how to handle labour disputes,” says Ntombizethu.  Her ultimate dream is to become an HR specialist one day. 

UNtombizethu ufunda ngezakwaNdabazabantu 

Ithwasa lakwaNdabazabantu uNksz Ntombizethu Mdunge, oneminyaka ewu-23, usefunde amakhono ahlukene njengokwenzisa abantu inhlolokhono nokubhekana nemibango ethinta abasebenzi. Leli thwasa lakwandabazabantu elidabuka eMahlabathini liqale ukusebenza ophikweni lakwaNdabazabantu eZAC ngoNhlolanja wango-2022. 

UNksz Mdunge one-Diploma in Human Resources uyakugcizelela ukukwazi ukuphilisana kahle nabantu ukuze uzowenza kahle umsebenzi wakho. Umfanele yena umsebenzi wakwaNdabazabantu ngoba uyashesha ukujwayela endaweni futhi uyakuthanda ukusebenza nabantu.

“Ave kumnandi ukuthola isipiliyoni nokusebenza endaweni efana nalena. Kuningi esengikufundile. Sengifunde ukwenza inhlolokhono, ukuthi kwenziwa njani uma umuntu engeke esakwazi ukusebenza kanjalo nemibango yabasebenzi,”  kusho uNksz Mdunge. Isifiso sakhe wukuba wungoti wakwaNdabazabantu ngelinye ilanga.